PREMIER'S REMARKS
Master of ceremonies
Education Provincial MEC Craig Padayachee and your team
Directors and staff of Buscor
Distinguished guests
Ladies and gentlemen.
I am honoured to be invited to speak on the occasion of the sod-turning ceremony of a new school. I do so with a sense of pride and deep appreciation.
Believe me when I say I am filled with joy and pride to witness the launch of such an important venture.
Ngikholweni uma ngithi ngizizwa ngigqwele injabulo nokuziqhenya ukuba ngibe munye nani namhlanje ekusunguleni kwaloluhlelo olubaluleke kangaka.
Ukuthuthukiswa kwabantu, kakhulu abasemaphandleni abantulayo,kuyinto eseduze nenhliziyo yami. Kungithokozisa kakhulu ukuba ngibe yinxenye ekusungulweni kwalesisikole.
Iningi lenu lingathi, kodwa asikho isikole lapha ingabe uNdunankulu ukhuluma ngani lapha. Mangisho kini ukuthi uhambo olubanzi luqala ngesinyathelo esisodwa. Kanjalo kuyiqiniso kunoba ngabe yiliphi ibhilidi noma yisiphi isikole. Kuqala ngomqondo.
Besekuthi lokukuguqulwa komhlaba enizokubona namuhla kube yisithelo somqondo umbono. Ezinyangeni ezimbalwa ezendlule lendawo yashaywa izikhukhula ezinkulu abantu balahlekelwa yizithandwa zabo, amakhaya kanye nempahla.
Kodwa indalo iyakhona ukusakha futhi, namuhla sigubha indlela entsha yokusebenzisa amandla omhlaba ekunikeni impilo. Ngokuba kusemhlabathini noma emhlabeni lapho sizokwakha khona lesisikole. Bakwethu sibukene nempilo entsha lapha esethembele emfundweni ikakhulu.
Empeleni imfundo iyisidingo esikhulu esizweni sethu sanamuhla. Iletha ukukhanya lapho kwakukhona khona ukuntuleka kodozi. Ku RDP, uhlelo lokwakha kabusha nokuthuthukisa, ukunikezwa kwezikole kubalulekile ekuthuthukiseni izimpilo zabantu abakade banganakwa umbuso wobandlululo. Kusukela emakhethweni wombuso wentando yeningi izigidi zezingane zikhonile ukuthola imfundo yezinga eliphezulu.
Asikakafiki lapho siyakhona, kodwa siyashesha ukuba sifike lapho. Kuyangithokozisa ukubona ubambiswano lolo uMongameli wezwe uThabo Mbeki akhulume kabanzi lwenzeka ngasosonke isikhathi lapha kuProvinsi nasezweni lonke.
Kumele sivume ukuthi angeke sibukane nezinselela zonke ngezinsiza zikaHulumeni zodwa. Kumele sakhe ubudlelwano phakathi kukaHulumeni nabezinhlangano ezizimele ukuba sakhe umnotho, sidale amathuba omsebenzi, sinikeze abantu imfundo, ezomtholampilo, namanzi acwebile.
Ubudlelwano obunjalo kumele bakhiwe ekuzimiseleni okukodwa, kokwakha impilo engcono yabo bonke abantu. Ukutshalwa kwemali yiBuscor kuvezwa yilobudlelwano phakathi kuka Hulumeni nabangasese ukuqala ukwakha impilo engcono yaba bonke abantu.
Ngithokoza kakhulu ukuthi lomtlamo uzodala amathuba omsebenzi kubantu balendawo. Uma sihlangane sonke amahlelo aloluhlobo anamandla okudala amathuba, inguquko ebusweni balaprovinsi yethu.
Uma sithi sinethemba ekudaleni amathuba omsebenzi kungoba bonke laba abathatha iqhaza bazimisele ekuzabalazeni ukuba siphumelele.
Umbuso wesifunda saseMpumalanga uzimisele kabusha ekusebenzeni ngokubambisana nabo bonke abantu, ugqugquzelwa ubizo lukaFaranani, ubumbano ekubeni ukuthi sisebenzise amandla nokuhlakanipha kwabantu base Mpumalanga ekubelethweni kwaloko okusha, okuhle nokubukekayo.
Nalokho-ke ngithanda ukubonga bakwaBuscor ngalokho abakwenzile ekuthuthukiseni abantu basemaphandleni ngokwakha lesisikole. Kungumbona ababe nawo. Kuyiphupho abaliphuphile.
Njengaloluyasuku eminyakeni engamashumi ayisihlanu endlule izinsizwa zakaMatsebula zabona isidingo sokuba basize umphakathi.
Ngizwa ukuthi lesisikole sakhiwa ekuhlonipheni osewalala uJoseph Ntwana Matsebula.
Inhlonipho efanelekileyo leyo, inhlonipho efanele isikhumbuzo sendoda eyayibeka phambili ukuswela kwabantu kuqala ngaphambi kokuba azinake yena nezidingo zakhe. Kodwa-ke inkumbuzo enjengale kumele isithokozise sonke.
Ngiyethemba ukuthi ubaba uMatsebula osewalala, uzothokoza kakhulu ukubona abaholi bangomuso baphuma kulesisikolo.
Kuphume abaholi abaqotho kungaphumi izilelesi, nabenza ubudlova kuHulumeni. Kungaphumi izigebengu nalobo abatshontsha imali yombuso.
Lokhu kuyinhlonipho esingayinikeza ubaba uMatseblula oseleleyo.Mangithathe lelithuba nginibonge futhi ngokunakekela enikukhombisile neniqhubeka ngokukukhombisa ebantwini. Futhi-ke ngithanda ukubonga bakwa Buscor ngaloluhlelo oluhle kangaka. Sithokozela ukuqhubeka kwenu ekutshaleni izimali kulisasa lezingane zethu.
Bakwethu, ngivumeleni ngigcine ngokuphinda lokho uNgqongqoshe wezemfundo Prof. Kader Asmal akushilo esontweni elendlule. Uthi kunomqondo ongasile othi izingane zifundiswe kwaphela lokho abazohlolwa ngakho ekupheleni konyaka. Kodwa sithi izikolo kumele zakhe isimilo sezingane. Zibenze babengabantu abazoba usizo emphakathini.
Kungakho ngimema abazali ukuba bathathe iqhaza emfundweni yezingane. Ekwenzeni lokho nizobe nenza isiqiniseko sokuthi isizwe nentando yeningi iqhubekela phambi futhi nizobe nakha isizwe kulendawo, kuProvinsi yaseMpumalanga nasezweni lonke.
Khumbulani ukuthi noma isikolo siyindlela yenguquko asiyiyo yonke into.
Kubantu bonke. Isikolo sinamandla ahlukile ekwakheni izinsika zomphakathi wentando yeningi ukufundisa umqondo ezinganeni nokubagqugquzela ukuthi basebenzise lomqondo njengendlela yokuzibuka, bona, kunye neminye imiphakathi.
Ngiyanibonga.