INKULUMO KANDUNANKULU

Bishop MP Mreku
Bishop PE Sihlangu
Bishop MA Mabunda
Abafundisi bamabandla
Abazalwane
Obaba no mama.

Sihlangene lapha ekuseni namhlanje ngaphansi kwenkolo yethu kuNkulunkulu wethu onamandla. Sinenhlonipho nothando ngomhlaba wethu esashiyelwa ngokhokho bethu.

Namhlanje sinikeza udumo nenhlonipho kuMdali ngokuthi abe muhle kangaka ngokusinika lelithuba lokuhlanganyela kulendawo.

Ukuhloma noma ukumisa kobunye bama Ziyoni, kungukunikeza lokho esikholelwa kukho ukuthi kwamukeleke. Sinikeza ukuzalwa kabusha kwalokho okungekwethu nokuhle.

Njengoba sisakwenza lokhu kufanele siqonde sizwisise amasiko ethu, umlando nenkolo yethu. Sizolungisa izinto ezonakala ngaphansi kohlelo lokuhlukanisa abantu nobuhlanga nangencindezelo yabanye ngabantu bezinye izizwe.

Kunomqondo odukisayo othi ngaphambi kokufika kwabantu abamhlophe eAfrika, inkolo yayingekho. Kuthiwa sasikholelwa ize.

Labo abafuna sikholwe yilomqondo basheshe bakhohlwe, ngokwesifiso zabo, ukuthi umlando wethu ohlanganiswe ngamasiko nangenkolo, awuzange uqale ngokufika kwabantu abamhlophe ababevela phesheya.

Ngesikhathi isizwe sase Mzansi Afrika ne Afrika yonkana ngaphansi kwamakhosi namakhosazana, osoSayensi nezazi, sasivele sikhuleka kuMvelinqangi. Kodwa-ke, njengamasiko ethu, inkolo yethu yayisesimeni esishintshayo, nanamhlanje ngokunjalo isashintsha. Ngempela, kuyiqiniso eliphindaphindiwe ukuthi inkolo yethu ayikho esimeni esisodwa.

Kungalesosizathu-ke ukuthi inkolo yethu ikhombise ukwahlukana nenguquko yamasiko ethu kusukela kumuntu wase Afrika onenkolo ngobuzwe bakhe kunaloyo okholelwa kunkolo ehlukile yobuKristu bamaAfrika.

Inkolo yobuKristu baseAfrika ivezile ukubaluleka kwezinto ezisuselwa kokhokhobethu nendabuko yethu. Futhi ibonakalisile inguquko ekhona kusimo esisha esingavumelani nemiqondo ebanzi.

Labo ababekhona mandulo abazange bamvumele inkolo yobu Kristu eyayilethwa noma ishunyayezwa abaholi bencidezelo abavela kwamanye amazwe. Empeleni baphikisana kakhulu ngokuthi bona labo abasiqundizele bazibize ngokuthi bangamaKristu.

Omunye wezazi zenkolo uDouglas uthi, okhokho babona kahle ukuthi lenkolo yabanye bezithunywa yayingeyona inkolo yeqiniso, kodwa kuyimizamo yokufihla lezinto ezimbi zobugebengu ababezenza, kwakuyimizamo yokwenza ubuwula/ noma ubulima bamukeleke kubantu.

Omunye owayezenza ngcwele noma nhliziyo mhlophe kodwa enenzondo, yo bumnyama efihle izenzo ezimbi zabagqilazi,

Uthi, “uma engathola ithuba lokugqilazwa futhi, ubengathotha noma afanise ukugqilazwa yilowo mgqilazi othi unenkolo njengenye yezinto ezibuhlungu nezidabukisayo ezingamehlela.

Okhokho bethu bazikhethela inkolo yobuKristu eyayigxile kusimo sethu esahlukile sase Afrika nezendabuko yethu, balahla lenkolo yobuKristu eyayi shumayezwa yilabo ababagqilazile.

Bakhetha ukukhonza uNkulunkulu wobuKristu ngendlela zendabuko zaseAfrika benza ukuthi indlela yenkolo yabamhlophe isebenzele inkolo yaseAfrika.

Emelika, labo ababegqilaza abantu babemethemba lokuthi ubuKristu buzophumelelisa buqhubekisele phambili ukugqilazwa kwabantu kube yinto eyamukelekayo, ngoba babekholelwa ekutheni labo abasebenze kanzima basaphila bazokukomeliswa ngamafa asezulwini. Nangempela kufinyelela esigabeni ezithile, inkolo yafeza lezozindingo.

Kodwa-ke, lobuKristu base Afrika bakhombisa ukuthi abagqilazekile (izigqila) bayayifuna inkululeko njengaloku bayidinga insindiso ngokufanayo njengenye yezinto ezibalulekile.

Eminye imiqondo noma imibono yabona kunesidingo sokuveza ulwazi ngamasiko aseAfrika ukuze kwakhiwe umqondo ocacile ngaphezu komqondo ofundisa ngenkolo yobuKristu.

Imizamo yabezinkolo basentshonalanga yonke beyincike ekutheni abantu base Afrika baguqke babe amaKristu. Ezikhathini eziningi lokhu kwakwenziwa ngamandla, ukuze abantu base Afrika namasiko abo, baguqulwe kabuhlungu babe ngamaKristu. Lokhu kuguqulwa kwabantu kuyaqhubeka nokugqugquzela uhlonze emasikweni nasenkolweni yabantu base Afrika nanamuhla.

Ngithanda ukubuza ukugqwaliseka kwalokhu kuguqulwa kwabantu ngenhloso emasikweni nasenkolweni yabantu base Afrika- ngingezwa uma kuthi lokhu kuguqulwa kuhambisana nokuvumelana phakathi kwabantu.

Okumbisana nalokhu kuguqulwa okunezinhloso imithetheo ecindezelayo efana nokulunganisa Bhayibheli nezwi elambuliwe likaNkulunkulu. Lesisilinganiso sibe yisikhali esinisa ngokusemthethweni ukwaliwa nokunganakwa kolwazi lumuntu omnyama kunye namasiko akhe ebuKristu.

Kuyisikhathi ukuthi ulwazi olubuthwe eminyakeni engamashumi amathathu endlule nezinkolo zabantu base Afrika, lusetshenziswe ekuthuthukiseni inkolo eyiqiniso yobuKristu yaseAFrika. Lolulwazi lufaka ngaphakathi ukugquzelela ukuthi njengoba amasiko abantu abamnyama ahlukahlukene kunjalo nangezinkolo zobuKristu.

Ngalokho-ke konke okukhulunywayo ngembelalphi nangobunye benkolo yobuKristu, ikakhulu uma iqhathaniswa namasiko ase Afrika kwenzelwa ekucekeleni phansi amasiko aseAFrika.

Kumele siqhubeke nokungavumi njengoba senga ekuqaleni ukuthi amasiko aseAFrika ahlangahlangene futhi ayimikhuba engaziwa.

Kumele siqhubeke nokuthi amasiko aseAfrika ahlelekile, ayaphatheka futhi aqondene nesikhathi esiphila kuso.

Kumele siqhubeke nanjengoba senzile esikhathini esendlule ukuthi abantu baseAfrika banamasiko nezinkolo eziphelele nezihloniphekayo.

Amasiko nezinkolo azimele ezinkolweni zasentshonalanga futhi amelane nezinguquka ezilethwa yizimkholo zasentshonalanga. Themba esimalo kwaphela ekwakheni isizwe esinobuntu, nomthetho kunye nokuthula.

Sihlangane lapha namuhla ukuzothatha igqathu lokuqala ohambeni lethu olunzima, uhambo oluya enkolweni yobuKristu lwabantu base Afrika uhambo oluza kusigqugquzela, lusikhulise, usihlanganise lusifikise ekuzwaneni okungcono ukuthi singobani empeleni.

Njengabantwana bakaNkulunkulu sishumayela phakathi kwabantu abalahle ithemba, abalahliwe, nabangahlonishwa. Abahlalisekile badinga impumuzo. Ba-vota ngobuningi babo. Batshale ithemba abanalo kithina.

Kungakho-nje ngoba singuHulumeni siza kini uma nisibiza. Kungani ngoba siyizingane zenu. Singabenu. Siphila phakathi kwenu. Yebo, ngoba siyanakekela.

Kumelele ukuthi sonke simelane nokuhlupheka kwesizwe sethu. Ingahlukanisa amanzi, sihole isizwe sethu ezweni lesithembiso. Izwe lethu liphuma empini enzima yokuthuthukisa izimpilo zabantu. AmaKristu wonke kumele azinikele emthethweni wokulungisa umphakathi. Kumele sivuselele umoya sigqugquzelwa umbono omusha namathuba amasha.

Thina njengesizwe singanqoba konke uma sisebenzisana njengabaholi bendabuko kunye noHulumeni, abasha abomama nabasomashishini, omunye nomunye uma adlala indawo yakhe.

Loku kufaka phakathi ukuthi sigqugquzele bonke abantu ngendlela efanele ukuba sibukane nezinselele ezivela kwezempilo ezihlupha abantu. Loku kufaka phakathi isifio senqulaza (AIDS) esidinga ukuba siguqule imikhuba yabantu ngezinto eziphathelene ngezoncansi nangendlela yokuphila.

Okuzakusiqondisa kukho konke esikwenzayo, ukuthi sakhe isizwe esinakekelayo.

Uma sisakha kabusha izwe lethu kunye nokuthatha kabusha izwe lonke kumele siphula izindonga zokwahlukana nemikhuba yesikathi esendlule, sikhulule wonke umuntu encindezelweni.

Sihlangana ukuba sifake ubuntu komuye nomunye sidinga ubunye, nokubuyisana ukusebenzisana ekwakheni impilo engocono yabo bonke abantu.

Njengesikhathi esendlule, njengoba kuzobanjalo kusasa, singabantu banye futhi siphokophele endaweni yinye.

^ Back to Top