INKULUMO KANDUNANKULU NJ MAHLANGU

Mphathiwohlelo
Ubukhosi bakwaMandlamakhulu
Nkosi Malaza nesizwe sakhe
Namakhosi onke
Zihambi ezigqavile
Manene namanenekazi .

Mangibonge inhlonipho yokumenywa yindlu yobuKhosi nabantu bakwa Mandlamakhulu ukuba ngibe yinxenye yalomsebenzi.

Kuyintokozo enkulu ukuba kwami lapha. Ngisabukela izinhlanga ezahlukene zigida ngokwamsiko azo, kuye kwangikhombisa ukuthi sikhululekile emaketangeni wobugqila.

Sihlangene lapha namuhlanje njengezizukulwane eziziqhenyayo zeNkosi Ngwevu, Mandlamakhulu noMdlala ngolwazi olupheleleyo lokuthi sengabantu abahlangene, ekwenzeni inguquko.

Kulesisikhathi lapho ubuntu namasiko ethu kukhathazwa yizinkinga eziningi, kunikeza ithemba ukuthi sisesenalo ithuba lokuguba amagugu ethu.

Njengabantu sesiqalile ukuba isizwe esizithembayo, sazi kahle kamhlophe izinselela esibhekene nazo. Singabantu abazinikele ekwenzeni okuphindiweyo ukuze sizuze impilo engcono yabo bonke abantu.

Kodwa-ke ngaphezulu kwakho konke lokho sihlangana lapha ukulungisa iphutha leminyaka eyikhulu endlule, lokuba sicindezelwe ukuba siphike umlandu wethu.

Inkululeko yethu yenze kwabalula ukuba sithole kabusha umlandu wethu. Umlandu esiziqhenya ngawo. Kubaba wethu, iNkosi uMalaza, nabantu bakho, ningasiza ngokwenza ucwaningo ukuze sithole ukuthi kahle, kahle singobani thina.

Isizwe, ngokusizwa nguwe, singaqonda ngokuphelele ngomlando waso, lowo owalahlekiswa umbuso wencindezelo.

Ukunqoba kwethu, umbuso wencindezelo kubeke isisekelo esiqinile sabo bonke abantu base Ningizimu Afrika ukuba bahlangane kungabhekwa umbala, ulimi, uhlanga kunye nenkolo. Lokhu kunqoba kusesenze ukuba sithole amandla ethu angempela.

Sihlanga lapha namuhla njengamaqhawe, agidela isikhalo sempi. Sihlangana lapha ukuze sigubhe ukunqoba kwethu.

Sihlangana lapha ukwakha ubuntu, ukufuna ubunye nokubuyisana, ukuze sisebenze ngokuzimisela ekwenzeni impilo engcono yabo bonke.

Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ukuba yinxenye yalomsebenzi. Siyazi ukuthi uhambo lokuba lapha sikhona, alubangalula.

Kodwa-ke sonke sabekezela ngoba sazi ukuthi loku esikudingako yikhona okulungile. Bakwethu, sisagubha usuku lwamagugu ethu, okuphezulu ohlwini lwethu ukuba siqede indlala, nokuswela ebantwini. Ukwahlukana kwethu kwesikhathi sangaphambili kumele kuphele.

Uma sisakha kabusha iMpumalanga, nezwe lethu kumele sibhidlize ukwahlukana kwangaphambili. Senze lokhu sikhulula wonke umuntu ebugqileni bencindezelo. Sikhulule wonke umuntu endlaleni, nasezifeni kunye nasekusweleni.

Kungumsebenzi wethu ukusebenzisa inkululeko yethu ukuba siyikhulise ibe uphawu lwaphakade lokuphila kwethu. Izinselela zonke esibheke nazo kumele zakhe isithombe esiphelele sokuguba amagugu wethu.

Ngempela lesisithombe esiphelele, angeke satholakala kwaphela ezinkulumeni nasekugideni kwezombangazwe, nasekwakheni amatshe wesikhumbuzo.

Inselela yethu sonke ukwenza isiqiniseko ukuthi sigubha lolusuku ngamalimi wethu wonke. Kumele sithuthukise ulimi lwethu. Ukuze ulwazi lwethu, lolutshwe ngezindlela ezahlukene nangamaphimbo ahlukene.

Sakhe isivumelwano sesizwe ngokubumbana. Lomsebenzi kumele ufake utho ekwakheni isizwe sethu. Kumele ukuba sikhombise ezinye ezizwe, ukuthi isizwe esihlangene sithola ini.

Kumele njengesizwe sibuke lokhu esikuzuzile nalokho okumele kwenzeke ukuze sigcine amagugu ethu futhi sibhale kabusha umlando wethu.

Ukuphumelela kwethu njengesizwe kuncike ekulondolozeni izindawo zamagugu ethu kanye nokulondoloza amasiko ethu. Kudingeka isimo sokuba wonke umuntu enze ukuba igugu lekhethelo litholakale kusosonke isizwe, ukuze izizukulwane zethu zizozuza kulokho.

Sonke masibe yinxenye yokuba isikhumbuzo esiphilayo sokuthokozela impilo. Okukugcina bakwethu, ekubambisaneni kwesizwe, kumele siqhubeke nempi yokulwa nengculaza (HIV \AIDS) .Kumele siqhubeke nokwakha umkhanyo wolwazi ngalesisifo. Lesisifo asiyiyo inkinga yezempilo kwaphela kodwa neyezomnotho.

Uma sisabuthene ukuzohlonipha amasiko ethu ngicela wonke umuntu, amaCouncilor, nabaholi bendabuko ukusebenzela ukwakha impilo engcono yabo bonke abantu.

Ngiyazi ukuthi abantu bakwaMandlamakhulu bathokozile ekuthatheni igqathu lokuqala ekutholeni kabusha umlando wethu.

Masizimiseleni ukusebenza ngamandla.

Ngiyabonga.

^ Back to Top